UMbuzanyana

UMbuzanyana wahamba wayothola utshani obumnandi ngempela. Isibhakabhaka sasiluhlaza phezulu. Kodwa akazange abheke phezulu.
Umfula wawuhuba ngezansi. Kodwa uMbuzanyana akazange ayilalele ingoma yawo.
Inyoni yamemeza iqondise kuye, yathi, “Unjani?”
Kodwa uMbuzanyana akazange aphendule.
Wavele waqhubeka nohambo ebheka utshani obumnandi ngempela.
Njengalokhu eqhubeka ehamba nje, uMbuzanyana wayelokhu eqhela, eqhela kuMama Mbuzi.
UMbuzanyana wabuthola utshani obumnandi ngempela. Wadla, wadla. Wayesehambe esekude kakhulu noMama Mbuzi.
UMama Mbuzi wayesemangele ukuthi uMbuzanyana wayeseshonephi. Wabheka esiqeshini sensimu yommbila, kodwa uMbuzanyana wayengekho lapho.
UMama Mbuzi wagijima ebheke emfuleni. Kodwa uMbuzanyana wayengabonwa lapho. “Ukuphi, we Mbuzanyana?” kububula uMama Mbuzi.
Inyoni yamemeza iqondise kuMama Mbuzi, “UMbuzanyana ulele otshanini obumnandi ngaphesheya kwebhuloho.”
UMama Mbuzi wawela ibhuloho eliqonde otshanini obumnandi.
Lapho-ke wathola uMbuzanyana elele zwi.
"Vuka, Mbuzanyana,” kwasho uMama Mbuzi ngeliphansi. “Ubukade wedukile!”
“Bengingedukile … bengilapha sonke lesi sikhathi!” kwasho uMbuzanyana.

Little Goat