UZanele ubona izinombolo

Wonke umuntu utshela uZanele ukuthi izinombolo zimzungezile. Kepha noma ezama kangakanani, akakwazi ukuzibona.
UZanele ucela uGogo ukuthi amsize abone ezinye izinombolo. UGogo ukhomba izimbiza eshalofini bese eyabala, “yinye, zimbili, zintathu, zine.”
Kodwa uZanele akaneme. “Lezo akuzona izinombolo. Yizimbiza lezo!”
UZanele ucela uMama ukuthi amsize abone izinombolo ezithile. UMama ukhomba izaqathi engadini bese eyabala, “sinye, zimbili, zintathu, zine.”
Kodwa uZanele akaneme. “Lezo akuzona izinombolo. Yizaqathi lezo!”
UZanele ubona uLinda ebala izinkukhu, ukuze abone ukuthi zonke zibuyile yini ekhaya.
Kepha uZanele akaneme. “Lezo akuzona izinombolo. Yizinkukhu lezo!”
UZanele ubona uBabekazi ebala amahora kuze kube isidlo sakusihlwa.
Kepha uZanele akaneme. “Lezo akuzona izinombolo. Lawo amahora!”
UZanele akakwazi ukubona izinombolo emhlabeni. Uyahamba ayokhuluma nodadewabo, uGugu, oneminyaka eyisishiyagalombili futhi owazi yonke into.
“Uma ubheka noma yini ngendlela eyiyo, ungabona inombolo kuyo,” kusho uGugu. UGugu unika uZanele izibuko zemilingo bese emtshela ukuthi ahambe ayobheka izinombolo emhlabeni.

Zanele sees numbers