Hawu, bheka phezulu!
Ubonani?
Ekuseni ... Ocilo abancanyana namalanda
amakhulukazi.
Emini ... Izimvemvane eziningi ebhuza
phezu kwezimbali.
Ufukwe oshaya ngomsila omude.
Incinci enokhololo wayo obomvu tebhu.
Inkonjane ephuzi ikhuphukela
phezulu esibhakabhakeni.
Ntambama ...
Izinyosi zibhuzela esidlekeni sazo.
Njengoba ilanga liyozilahla kunina ... Amahansi endizela ekhaya.
Izibani ezibenyezelayo
zendiza egcwele abantu.
Amalulwane adla isidlo sawo
sakusihlwa sezinambuzane.
Uma kukuhle futhi kumnyama ...
Isikhova sidlula ngokushesha
phezu kwenkundla.
Inkanyezi entwizayo.
Ngisho noma sesisemaphusheni
kuningi kakhulu esingakubona!
Look Up!
Bheka Phezulu!
Illustrator: Lauren Nel
Author: Jen Thorpe
Designer: Lauren Nel
Licence: Creative Commons Attribution 4.0
Website: https://bookdash.org/
Translator: Nonkululeko Nhlapo
Editor: Sarah McGregor