Dansa, Mihlali!

Sesisondele isikhathi sekhonsathi enkulu yesikole. Zonke izingane zithokozile njengoba zizilungiselela. Kodwa hhayi uMihlali …
Ukhathazekile ngokuthi uzozikhohlwa izitebhu zomdanso wakhe.
“Ngizokusiza ngokuzilolonga ekhaya.”
“Ngifisa sengathi le khonsathi ingangenzeka!”
“Hhayibo! Kanjani? Usuku lwekhonsathi selusondele …
“UGogo ukuthumelele isipho.”
UMihlali ukhathazeke kakhulu ngekhonsathi ukuthi angavula izipho.
Mhlawumbe angalunguza phakathi.
Izicatholo ezinhle kangaka zokudansa ezivela kuGogo!
UGogo wayengumdansi oqavile.
UMihlali uyazilolonga esikoleni ...
Nasekhaya! Udansa ngisho nasemaphusheni akhe.
UMihlali kumele aphumule.
Ikhonsathi enkulu ikusasa.
Usuku lwekhonsathi. UMihlali udanse kahle. Bekumnandi kakhulu! Isimanga! UGogo ufikile ezobukela umdanso kaMihlali.
“Ngidanse njengawe, Gogo.”
“Wenze kahle kakhulu! Ungumdansi oqave kunabo bonke engike ngababona.”

Dance, Mihlali