Nginekhanda elikhetheke kakhulu, ikhanda lezinwele ezikhethekile. Izinwele zami ezikhethekile zihlukile. Izinwele zami ezikhethekile azijwayelekile.
Ziyakhula kodwa hhayi kunoma
yiliphi ikhanda,
kwelami,
elami ngedwa!
Izinwele zami ezikhethekile zenza
izinto ezikhethekile – izinwele
ezinomlingo, uyabona.
Ehlobo lapho ilanga lishisa, lingekho ithunzi, angijuluki, futhi angishi. Ngizenzela isigqoko ngezinwele.
Ebusika lapho amakhala ami ejika eba bomvu,
futhi uma
kuvunguza
umoya obandayo,
izinwele zami ezikhethekile zikhula zibe zinde kakhulu. Ngizigoqa ngazo kusukela phezulu kuya phansi ezinzwaneni.
Entwasahlobo lapho izinyoni ziphuma futhi zizakhela izidleke, ikhanda lami lisuke ligcwele izingoma ngoba izinwele zami ezikhethekile zingungqa phambili.
Ekwindla lapho amacembe ewa ezihlahleni zingekho nezimbali, ikhanda lami elikhethekile liyaqhakaza yonke indawo.
Izinwele zami ezikhethekile ziqinile. Azilengi. Angibukeki ngendlela eyodwa ngoba izinwele zami ziyakwazi ukushintsha isimiso sazo.
Izinwele zami ezikhethekile zigoqene.
Zisontekile,
zihlangene,
ziqinile.
Izinwele zami ezikhethekile zikhula zibe nezandla – nokuyindawo engibeka kuyo izinto zami.
Izinwele zami ezikhethekile zinamaphiko akhethekile –
zintofontofo,
zithambile
futhi zilula. Zilenga kahle ebusweni bami, ngize ngindize nazo.
Izinwele zami ezikhethekile zimibalabala, ziwuthingo lwenkosazane! Ziqhakazisa ngisho nosuku olumnyama. Izinwele zami ziyathokozisa.
Izinwele zami ezikhethekile zinothando. Ngothando ikhanda lami lithwele umqhele.
Ziyakhula,
zikhule,
zikhule
zize zigcwale yonke indawo.
Ziningi izinhlobo zamakhanda akhethekile, ziningi izinhlobo zezinwele ezikhethekile. Ziqhenye ngonakho phezulu, umlingo wokho ukhulela khona!
My Special Hair
Iinwele zami ezikhethekileyo
Illustrator: Jess Jardim-Wedepohl
Author: Candice Dingwall
Designer: Renate van Rensburg
Licence: Creative Commons Attribution 4.0
Website: https://bookdash.org/
Translator: Nonkululeko Nhlapo
Editor: Kelly Norwood-Young