UNtuthwane Omncane wayekuthanda ukufunda.
UNtuthwane Omncane wayede egconwa.
“Izintuthwane vele azifundi.
Izintuthwane kufanele zazi ukudla nje kuphela.
Izintuthwane ziqoqa ukudla ezikudingayo."
UNtuthwane Omncane wayefunda usuku lonke,
wayefunda efunda usuku lonke. Ezinye
izintuthwane zazicosha ezikutholayo zikugcinele
isikhathi sasebusika ngaphansi komhlaba.
Umama nobaba bacasuka kakhulu, kanti
noNtuthwane Omncane waphatheka kabi kakhulu.
Ekwindla lapho amaqabunga ewela phansi,
izintuthwane kufanele ukuthi zigcine ukudla kwazo
emgodini ngaphansi.
Indlovukazi yona ifuna ukudla ukuthi kugcwale
enqolobaneni, nokusho ukuthi zonke izintuthwane
kusafanele ukuthi zisebenze kakhulu.
UNtuthwane Omncane uyaqala uyamemeza
ngendawo afunde ngayo, “Thina lapha sidinga
irestorenti, nokuyindawo lapho abantu behamba
bafike badle khona. Kushiwo njalo lapha
ezincwadini zami engizifundayo."
Zasuka lapho izintuthwane zamasha zihamba
ngazodwana. Zihamba zibheke ngalapho kushona
ngakhona ilanga.
Khona manjalo uNtuthwane Omncane wathi,
“Hhayi bo, nansiya irestorenti!”
Zaqhubeka izintuthwane zihamba zilandelana
zishaye ujenga, zithwele ibhega, zithwele ibhanisi.
Kwathi lapho izintuthwane zibuya indlovukazi
yabe ithokozile. Kwagcwala izinqolobane.
Kwadansa yonke intuthwane yinjabulo.
UNtuthwane Omncane wabe esethola ukwangiwa
nguMama noBaba wakhe.
Udadewabo kaNtuthwane omncane wabamba
isandla sakhe wathi, “Uyabona manje ngicabanga
ukuthi ngiyakuqonda okwenzekayo.
Indlela othanda ngayo ukufunda incwadi …
Yenza ukuthi nami ngifune ukufunda incwadi."
Little Ants Big Plan Zulu
Icebo Elikhulu LikaNtuthwane Omncane
Illustrator: Steven McKimmie
Author: Candice Dingwall
Designer: Telri Stoop & Translated by Nal’ibali
Licence: Creative Commons Attribution 4.0 Licence
Website: https://bookdash.org/