Isivande sikaMkhulu FAROUK

Ekujuleni kwedolobha, elizungezwe yizindlu nezitina netiyela, uzothola isivande sikaMkhulu Farouk
U-Amir uvakashela uMkhulu kanye ngesonto. Uthanda amaqabunga nezimbali nezihlahla.
U-Amir uyasiza ukunisela izitshalo.
Usiza ngomquba wemvundela, futhi usebenza noMkhulu usuku lonke.
Uma sebeqedile, bazitika ngesivuno sezithelo.
Ngelinye ilanga, uMkhulu akazange alidle ipheya lakhe. “Kukhona okungahambi kahle?” kubuza u-Amir.
“Isivande sami siyafa,” kuphendula uMkhulu. “Kungani?” kubuza u-Amir. “Awubhekisise,” kusho uMkhulu. “Kunezinambuzane ezidla izitshalo.”
“Siyabadinga omanqulwane!” kusho uMkhulu. “Bayizilwanyakazana ezidla izinambuzane ezidla izitshalo. Ngaphandle komanqulwane, isivande singafa.”
“Ngizokulethela isilwanyakazana esisodwa noma ezimbili,” kusho u-Amir.
Isonto lonke u-Amir wabheka, wacinga, futhi waqoqa.
Wathola umanqulwane owodwa enkundleni yezemidlalo.
Abanye ababili ngasesitolo.
Abathathu epaki.
Nabane ngemuva kukamabonakude.
Ngesonto elilandelayo, u-Amir wahamba wayovakashela uMkhulu Farouk, wamkhombisa isitsha sakhe esinezilwanyakazana eziyishumi. “Wenze kahle, hha mfana wami, wenze kahle,” kwasho uMkhulu, enonyembezi esweni lakhe.
UMkhulu wayejabule kakhulu. Omanqulwane babelambe kakhulu!
Badla izinambuzane ezihluphayo, isivande saqhakaza.
Ukusuka ngalelo langa, isivande sikaMkhulu Farouk senza lokho izivande okufanele zikwenze. Sakhula, sakhula, sakhula.

Grandpa Farouks Garden