Kazi ngabe ukhona yini
omunye oyimi emhlabeni.
Ofana ncimishi …
… futhi okhuluma njengami.
Futhi nonezinwele ezigoqene njengezami.
Umuntu onamehlo
kanye nezindlebe zami.
Ohleka njengami imbala.
Okwazi ukwenza engikwenzayo …
… futhi ongakwazi ukwenza
engingakwazi ukukwenza.
Sengibheke yonke indawo
ukuze ngithole omunye oyimi.
Ngehle ngaya epaki ukuze
ngibheke ngemuva kwezihlahla.
Ngibheke ndawo zonke, phansi naphezulu …
… kulobo nalobo buso.
Angimtholanga ndawo omunye oyimi.
Munye kuphela oyimi emhlabeni! Ngikhethekile, futhi kuyiqiniso lokho!
Kodwa akumina ngedwa, awuboni yini?
Munye kuphela onguwe!
Is there anyone like me
Ingabe ukhona onjengami?
Illustrator: Jess Jardim-Wedepohl
Author: Fred Strydom
Designer: Stephen Wallace
Licence: Creative Commons
Website: https://bookdash.org/