Ingubo Yami Ekhethekile

Uyangibona mina? Ngisemhlane kaMama engutsheni yami ekhethekile.
Ngiyamthanda uMama. Futhi noMama uyangithanda. Futhi ngiyayithanda, ngiyayithanda, NGIYAYITHANDA ingubo yami ekhethekile.
Ngiyakuthanda ukubanga umsindo.
Kodwa uMama uthanda ukuthula.
UMama wenza umsebenzi wakhe.
Futhi ngiyakuthanda ukudlala.
Impela, ngiyayithanda, ngiyayithanda NGIYAYITHANDA ingubo yami ekhethekile.
Kodwa uma ngidla, uMama uthi ingubo yami ekhethekile kumele ibukele.
Futhi uma ngigeza, ingubo yami ekhethekile kumele ihlale endaweni eyomile.
Ngiyazithanda izindaba zesikhathi sokulala noMama. Ingubo yami ekhethekile ilalela nami …
… futhi iyangisiza ngilale.
Ngiyayithanda, ngiyayithanda, NGIYAYITHANDA ingubo yami ekhethekile.

My special blankie