Uhambo Olukhulu lukaNyonyana

UNyonyana kwakuyinyoni encane. Wayemncane impela kodwa enza njengezinye izinyoni.
UNyonyana wayehlala endlini enhle noMdondoshiya. UNyonyana wayewuthanda kakhulu uMdondoshiya. KwakuwuMdondoshiya olungile. Wawunikeza uNyonyana amathoyizi amaningi.
UNyonyana wayephatheka kabi uma uMdondoshiya ungekho. Ngakho-ke ngolunye usuku uNyonyana wandiza wayofuna uMdondoshiya.
UNyonyana wandiza waya phezulu, phezulu kakhulu waze wabona wonke umhlaba. Wayefuna ukuthola uMdondoshiya. Ngabe wayezokwehlela kuphi?
UNyonyana wehlela ehlathini elikhulu, elaligcwele izihlahla nezimbali kanye nomcebo. Wayekuthanda ukudlala ngobucwebe obubenyezelayo! Kodwa ngabe uMdondoshiya wayekuphi?
UNyonyana wafika ensimini ebanzi yeqhwa. Iqhwa lalimhlophe lithambile. UNyonyana wayezifela ngokugingqika phansi lapho kuphole khona. Kodwa-ke wayekuphi uMdondoshiya?
Okulandelayo, uNyonyana wandizela ngisho nangaphezulu esibhakabhakeni. Wandiza phakathi kwezinkanyezi kanye nasezinxanxatheleni zazo! Wabona inyanga! Wabona inkanyezi enomsila! Kodwa-ke wayekuphi uMdondoshiya?
Esekude phezulu, ngamehlo akhe abukhali obunyoni, uNyonyana wabona okuthile! Ngabe kwabe kuyini?
UNyonyana washwibeka ebheke phansi, phansi, phansi. Ngabe wayezoqathakela kuphi?
UNyonyana wehlela ngqo ezandleni zoMdondoshiya! Wayejabule kakhulu ukuwubona. “Ngiyakuthanda, Mdondoshiya!” kumemeza yena.
UMdondoshiya wabamba uNyonyana wamsondeza kuye. “Nami futhi ngiyakuthanda,” kwasho uMdondoshiya.

Small birds big adventure_zulu