UTlotlego usingatha iphathi letiye
lomndeni WONKE.
“Bangaki abantu abeza ukuzophuza
itiye, Gogo?”
“Uwena, yimina, uMama, noBaba.
Nodadewenu omncane, uTshiamo.”
UTlotlego ubala izinkomishi zetiye ngesikhathi
ezithatha ekhishini.
“Iyodwa, zimbili, zintathu, zine kanye nekaGogo!”
UTlotlego uya esitubhini
lapho ebeka khona izinkomishi etafuleni.
“Iyodwa, zimbili, zintathu,
zine, zi…?”
“Ngibona izinkomishi ezine
kuphela,” kusho uGogo,
“kodwa singabantu abahlanu.”
“Ngesikhathi ngisekhishini,
bekukhona izinkomishi ezinhlanu!”
kubabaza uTlotlego.
UTlotlego ubala amapuleti amahle
amancane ngesikhathi ewathatha ekhabetheni.
“Linye, mabili, mathathu, mane, mahlanu!
Kukhona amapuleti asilingene sonke.”
UTlotlego uya esitubhini lapho
ebeka amapuleti eduze kwezinkomishi.
“Lilodwa, mabili, mathathu,
mane, ma…?”
“Ngibona amapuleti amane
kuphela,” kusho uGogo,
“kodwa singabantu abahlanu.”
UTlotlego ubala amabhisikidi njengoba ewathatha embizeni.
“Lilodwa, mabili, mathathu, mane, mahlanu!”
UTlotlego uya esitubhini futhi ubeka
amabhisikidi emapuletini.
“Lilodwa, mabili, mathathu, mane, ma…?”
“Ngibona amabhisikidi amane kuphela,”
kusho uGogo,
“kodwa singabantu abahlanu.”
UTlotlego udidekile kakhulu.
Uyazi ukuthi ubelokhu ebala kahle.
Ngaphambi kokuba abe namabhisikidi
amahlanu, futhi manje asemane kuphela.
Anciphe KANJANI amabhisikidi manje?
UTlotlego ubala amaqhuzu kashukela
njengoba ewathatha embizeni.
“Linye, mabili, mathathu, mane, mahlanu!”
UTlotlego uya esitubhini lapho ebeka
khona amaqhuzu kashukela etafuleni.
Ngalesi sikhathi, unesiqiniseko sokuthi
uzwa ukuhleka.
“Linye, mabili, mathathu, mane, ma…?”
“Mahlanu!” kumemeza izwi ngaphansi
kwetafula.
UTlotlego uyagoba ubuka ngaphansi kwetafula.
Athuke lapho ebona isethi yetiye ephelele ibekwe
ngaphansi kwetafula!
Kukhona inkomishi, ipuleti, ibhisikidi, neqhuzu likashukela.
KUHLANU!
Lapho uMama noBaba bebuya
emsebenzini, baphuza bonke
itiye esitubhini.
Oyedwa, ababili, abathathu kubo
bephuza itiye etafuleni, ababili babo
baphuza itiye ngaphansi kwetafula!
Tlotlego’s Tea party_zulu_
Iphathi Letiye likaTlotlego
Illustrator: Nicolene Louw
Author: Laura de Lange
Designer: Ashlyn Atkinson
Licence: Creative Commons Attribution 4.0
Website: https://bookdash.org/
Translator: Nonkululeko Nhlapo
Editor: Nabeela Kalla