Isikhathi samaholidi futhi ngingakuthokozela ukuya olwandle, kodwa angikaze ngiye.
Engabe kunjani ukudlala esihlabathini sasolwandle.
Isimanga!
‘Buka sikwenzeleni. Inkundla yesihlabathi yokudlala,’ kusho ubaba kaLesedi ethakasile.
UBaba uthi usebenzise amasondo akhe akudala. UMama uwapende ngemibala engiyithandayo: oLuhlaza Okwesibhakabhaka, oBomvu kanye noPhuzi.
Angisakwazi ukulinda ukuyongena phakathi.
Ngithe ngingena phakathi esihlabathini ngezwa izinyawo zami zifudumala futhi zithambile.
Buka!
Ngisolwandle.
Kubukeka ngathi yindawo enhle lena
yokundlala ingubo yami.
Ngibeka nesambulela sami, kodwa umoya
uvele wasithatha.
Ulwandle lwenza umsindo ohlokomayo.
Ngigijima olwandle, ngidlala ngamagagasi ngesikhathi nginyathela isihlabathi kuzodwebeka unyawo lwami esihlabathini.
Ngisebenzisa ibhakede kanye nefosholo
lami ukumba amagobolondo.
Atholakala Ngezimo kanye Nobukhulu obahlukene.
Ake ngakhe inqaba yesihlabathi.
Ncinci, inkulu!
Sekuyisikhathi sesidlo
sasemini!
Mhlawumbe kumele ngithole isamishi
elenziwe ngojamu wamajikijolo.
Mmm, intandokazi yami.
Okumnandi okudliwa ekugcineni, uMama ungilethele u-ayiskhilimu kashokoledi.
Ngicambalele engutsheni yami
ngizidlela u-ayisikhilimu ngizibukela
isibhakabhaka siphenduka
siba phinki.
Umama nobaba kaLesedi bayamubuka,
amehlo abo agcwele intokozo.
‘Kuyangithokozisa ukuthi sikwazile ukufeza iphupho lakhe khona lapha ekhaya,’ kusho umama kaLesedi.
Ngiyabonga Mama noBaba.
Namuhla kube
wusuku oluhle kakhulu
empilweni yami.
Lesedi’s sandbox_zulu
Inkundla yesihlabathi kaLesedi
Illustrator: Jess Jardim-Wedepohl
Author: Mathapelo Mabaso
Designer: Thokozani Mkhize
Licence: Creative Commons Attribution 4.0
Website: https://bookdash.org/
Translator: Nonkululeko Nhlapo
Editor: Louis Greenberg