Kwake kwaba khona umfana
owayekwazi ukugijima nokugxuma
kanye nokucaca. Wayekwazi ngisho
ukwenza umsindo ofana nowedada
lasolwandle.
Kodwa wayengakwazi ukubhukuda.
Kanti maye, wayengeve
ekufuna.
Kwathi ngelinye ilanga wabona ...
... inhlanzi nayo
eyayingakwazi
ukubhukuda!
Wayefuna ukuyisiza inhlanzi.
Ngakho wayifaka emanzini …
… inhlanzi yavele yaphila!
Kodwa nomfana wayefuna
ukufunda ukubhukuda.
Ngakho inhlanzi
yamkhombisa
umfana ukuthi
awufake kanjani
umlomo wakhe
emanzini bese.
ephephetha.
Akubona nobumnandi
lobu ababuzwayo!
Ngosuku olulandelayo, umfana
wakhumbula lokho inhlanzi
eyayimfundise khona.
Ngakho-ke, umfana owayekwazi
ukugijima nokugxuma kanye
nokucaca, futhi ekwazi ngisho
nokwenza umsindo njengedada
lasolwandle, wafunda ukubhukuda
njengenhlanzi.
That fish that couldn’t swim
Inhlanzi eyayingakwazi ukubhukuda
Illustrator: Thulisizwe Mamba
Author: Sarah Gaylard
Designer: Gisela Strydom
Licence: Creative Commons Attribution 4.0
Website: https://bookdash.org/
Translator: Nal’ibali
Editor: Ingrid Nye