Inhlanzi eyayingakwazi ukubhukuda

Kwake kwaba khona umfana owayekwazi ukugijima nokugxuma kanye nokucaca. Wayekwazi ngisho ukwenza umsindo ofana nowedada lasolwandle.
Kodwa wayengakwazi ukubhukuda. Kanti maye, wayengeve ekufuna.
Kwathi ngelinye ilanga wabona ...
... inhlanzi nayo eyayingakwazi ukubhukuda!
Wayefuna ukuyisiza inhlanzi.
Ngakho wayifaka emanzini …
… inhlanzi yavele yaphila!
Kodwa nomfana wayefuna ukufunda ukubhukuda.
Ngakho inhlanzi yamkhombisa umfana ukuthi awufake kanjani umlomo wakhe emanzini bese. ephephetha.
Akubona nobumnandi lobu ababuzwayo!
Ngosuku olulandelayo, umfana wakhumbula lokho inhlanzi eyayimfundise khona.
Ngakho-ke, umfana owayekwazi ukugijima nokugxuma kanye nokucaca, futhi ekwazi ngisho nokwenza umsindo njengedada lasolwandle, wafunda ukubhukuda njengenhlanzi.

That fish that couldn’t swim