Kudala, ehlathini laseNtokozweni, izinyoni nezihlahla zazikhulumisana.
Kwakukhona umndeni wezinyoni owawunabantwana abathathu: uBlue, uPink kanye noYellow.
Babehlala esihlahleni esikhulu
esinobuhlakani uMamango.
Iphimbo likaMama Nyoni lalimnandi! Wayevuka entathakusa acule
ingoma yakhe.
Isomiso safika-ke eNtokozweni. Imifula yoma namaqabunga awohloka.
Mamango wajula ngomcabango.
“Mhlawumbe kumele sithole umsundu womlingo, wona oletha imvula. Kepha ubani ongahamba?
“Ngizohamba mina, angesabi lutho”
kwasho umama Nyoni.
Bonke babemkhumbula uMama Nyoni nengoma yakhe. Ngabe wayezoyithola indlela ebuyela ekhaya?
“Kunganjani sicule ingoma kaMama?”
kwabuza uYellow.
UMama wathi uma sicula ingoma yakhe, uzoyibona indlela ebuyayo.”
“Mina angikwazi ukucula”
wazikhalela uPink.
“Sewake wazama kodwa?”
kwabuza uMamango.
“Yebo, mina sengike ngazama”
kuphendula uYellow.
“Nginganifundisa”
Ngokusa okulandelayo, uYellow
wacula ingoma kaMama.
“Ukusa okuhle!
Siyavuka siqhakaze!”
Imvula yaqala ukuna.
Emva kwesikhathi zonke
izinyoni zase zifundile, zacula
kanye noYellow.
UMama Nyoni, wayithola nendlela yakhe ebuyela ekhaya.
Kusukela lapho-ke, izinyoni zaqala ukucula entathakusa.
Why Birds Sing at Dawn
Kungani izinyoni zicula entathakusa
Illustrator: Emmanuel Grebo
Author: Zanele Dlamini
Designer: Joseph Makongo Kiugu
Licence: Creative Commons Attribution 4.0
Website: https://bookdash.org/
Editor: Joey Kok