Kudala, zonke izilwane zazihlala emakhaya. UMama uNyamazane wayenendlu enkulu.
Ngelinye ilanga, uMvundla wayefuna ukudlala iqhinga. Wahlala wacabanga, wacabanga, wacabanga… wasenyonyoba eyongena endlini kaMama uNyamazane. Wavala umnyango wase ebanga
umsindo omkhulu.
UMama uNyamazane wabuyela ekhaya. “Ubani lo osendlini yami?” esho ekhala.
“Mpisi, ngicela ungisize! Kukhona umuntu osendlini yami.”
Nqo, nqo, nqo!
“Vula umnyango!” kuklewula uMpisi.
Kodwa lutho ukuvuleka umnyango.
UMpisi wabiza
uNdlulamithi.
“Vula umnyango!”
kumemeza uNdlulamithi.
Kodwa lutho
ukuvuleka umnyango.
UNdlulamithi wabiza uDube.
“Vula umnyango!” kumemeza uDube.
Kodwa lutho ukuvuleka umnyango.
UDube wabiza uNdlovu.
Wayemkhulu futhi enamandla.
“Vula umnyango!”
kusho uNdlovu ngolaka.
Kodwa lutho
ukuvuleka umnyango.
UMama uNyamazane wayesephatheke kabi. Zonke izilwane zase ziphatheke kabi.
Ubani owayesendlini kaMama uNyamazane?
Kwazwakala ngezinyoni
zicula, izimvemvane zinswininiza.
Izinyosi zibubula.
“Vula umnyango!”
zasho zonke zikhala.
Kusenjalo kwafika uNyamazane Omncane. “Ubani osendlini yakithi?”
“Ngicela uvule umnyango,” kusho yena
ngezwi elimnene.
Wavuleka umnyango.
UMvundla!
UMvundla wawumamatheka. Ubewathanda amaqhinga.
Ha! Ha!
UMama uNyamazane kanye noNyamazane Omncane babejabule kakhulu.
Nezilwane nazo zajabula.
Indlu kaMama uNyamazane
isivulekile ekugcineni.
Mama entelopes house_zulu
Indlu kaMama uNyamazane
Illustrator: Barbara Nascimbeni
Author: Florenca Marundu
Designer: Lauren Joy Elizabeth Bird
Licence: Creative Commons Attribution 4.0
Website: https://bookdash.org/
Translator: Nonkululeko Nhlapo
Editor: Nabeela Kalla