ULwando unodadewabo omncane ogama lakhe lingu-Oyiso.
Kwesinye isikhathi muhle kakhulu.
Kodwa ngesinye isikhathi uphenduka
inunu.
Kulungile kunjalo, ngoba uLwando ungumthambisi wenunu.
NgoMsombuluko, inunu yayibukeka ithukuthele.
Kodwa uLwando wayazi ukuthi ilambile.
NgoLwesibili, inunu yayibukeka
ithukuthele kakhulu.
Kodwa uLwando wayazi ukuthi ikhathele.
NgoLwesithathu,
inunu yayibukeka
ithukuthela
ngokwedlulele.
Kodwa uLwando wayazi ukuthi
idangele.
NgoLwesine, inunu yayibukela
iveva.
Kodwa uLwando wayazi ukuthi idinga ukuthula.
Kodwa ngoLwesihlanu,
akukho okwakusebenza.
Kwase kuba nezinunu ezimbili.
Izinunu zakhula zaba nkulu.
zaba nkulu.
Ngenhlanhla, uBaba ungumthambisi wenunu omuhle kunabo bonke.
Uyazi ukuthi awukwazi ukulawula inunu ngokuba
mkhulu noma ukuthukuthela.
Ungakwazi
ukuthambisa izinunu kuphela ngokuzisiza zizizwe
ziphephile.
How To Tame A Monster
Indlela Yokuthambisa Inunu
Illustrator: Anja Venter
Author: Sam Beckbessinger
Designer: Wilna Combrinck
Licence: Creative Commons Attribution 4.0
Website: https://bookdash.org/
Translator: Nonkululeko Nhlapo
Editor: Carla Lever