UTumi Osabayo

Igama lami nginguTumi futhi ngiyasaba.
UMama uthi kulungile ukwesaba. “Wonke umuntu unokwesaba.”
Kungathiwani uma kukhona inunu ngaphansi kombhede wami?
“Ngingayitshela ukuthi ihambe futhi INGAPHINDE ibuye.”
Kungathiwani uma kunamehlo endaweni yokukhipha amanzi kabhavu wokugezela?
“Udadewenu omdala, uKamo, uzokukhipha kubhavu wokugezela.”
Kungathiwani uma umkhoma ungigwinya olwandle?
“Mina noKamo sizobhukuda singene emlonyeni womkhoma sikuhlenge.”
Kungathiwani uma ngingakwazi ukucula u-ABC bese ngihlekwa ezinye izingane?
“UThisha uJill uzokusiza ukuthi ukhumbule.”
Kungathiwani uma ngisaba ukuya kudokotela wamazinyo kusasa?
“Ngizobe ngikhona ngikubambe ngesandla.” Wonke umuntu unokwesaba. UMama uthi kulungile lokho.

Scared Tumi_zulu