Ilanga lasekuseni ligqobhoza laphaya kumkhathizwe
bese lidlula emaqabungeni, livuse uSenzo.
Iqhude likaGogo lishaya amaphiko alo,
lelula intamo yalo bese liyakikilikiga.
Kiki-li-ki-gi!
USenzo uyakwazi ukukikilikiga naye. Kiki-li-ki-gi!
Ngabe uyakwazi
wena?
Ilanga liyakhanya futhi lifudumele.
USenzo usekulungele ukuya esikoleni.
Ubamba isandla sikaGogo wakhe.
Umgwaqo uyaphithizela.
Amatekisi adlula eshaya amahutha awo.
Piip -piip! Piip -piip!
USenzo uyakwazi ukuhutha naye.
Piip -piip!
Piip -piip!
Ngabe uyakwazi wena?
Ilanga liphezulu esibhakabhakeni. Isikole siphumile
futhi abangani bakaSenzo badlala otshanini.
Balula izingalo zabo bese begijima behla egqumeni.
Weeeeeee! Weeeee!
USenzo uyakwazi ukugijima naye.
Weeeeeee! Weeeee!
Ngabe uyakwazi wena?
Ilanga seliyoshona, nesibhakabhaka
sesinombala ogqamile.
Usuku olude seluyashona kanti nesidlo
sasebusuku sesidliwe.
UGogo noMama bageza izitsha.
Keqe-Keqe! Keqe-Keqe!
USenzo uyakwazi ukugeza izitsha futhi.
Keqe-Keqe!
Keqe-Keqe! Ngabe uyakwazi wena?
Ilanga lingena ngaphansi komkhathizwe,
likhipha izithunzi ezinde.
USenzo usegezile, usuthi futhi ukhathele.
“Sekuyisikhathi sokulala,” kusho uMama.
Usondeza uSenzo eduze bese emshushuzela.
Uyamthulisa.
Shhhhhhhhh, shhhhhhhhhh.
USenzo uyakwazi ukushushuzela naye?
Shhhhhhhhh,
shhhhhhhhh.
Ngabe uyakwazi wena?
Ilanga seliwenzile umsebenzi walo
wosuku futhi seliyozilahla kunina.
Selizimboza ngamafu obumnyama
ukuze lifudumale.
Ilanga liyaphupha.
USenzo uyakwazi
ukuphupha naye.
Ngabe uyakwazi wena?
Senzo and the Sun
USenzo neLanga
Illustrator: Adrie le Roux
Author: Sarah McGregor
Designer: Liam Longland
Licence: Creative Commons Attribution 4.0
Website: https://bookdash.org/
Translator: Nonkululeko Nhlapo
Editor: Elise Varga