Kudala kakhulu, edolobheni elikhulu laseGoli, kwazalwa ingane yentombazane. Leyo ngane kwakuyimina. Umama wangibiza ngokuthi nginguZenzile Miriam Makeba.
Umama wayeyisangoma, kodwa
futhi wayesebenza ukwenza imizi
yabanye abantu icoceke futhi ihlanzeke.
Kwakunzima kumama ukwenza imali
esanele sobabili mina naye. Waqala
ukwenza utshwala obuphiswe ekhaya
ukuze athole imali ethe xaxa.
Imithetho yezwe yayithi ukuthengisa utshwala obuphiswe ekhaya akulungile. Amaphoyisa afaka umama ejele izinyanga eziyisithupha. Nganginezinsuku eziyi-18 kuphela ubudala futhi ngangimdinga umama. Ngakho-ke noma ngangiwusana, nami ngaya ejele.
Ngiseyintombazanyana ngangikuthanda ukucula. Kwathi sengimdadlana, ngasiza umama ukuhlanza izindlu. Ukucula izingoma ngenkathi ngisebenza kwakwenza umsebenzi uhambe ngokushesha kanti nezinsuku kwakusengathi ziqhakazile. Ukucula kwakungenza ngijabule ngendlela engingenakuyichaza.
Ngangicula esontweni lakithi, futhi lokhu kwakwenza nabanye bajabule. Umculo unamandla okuhlanganisa abantu. Ngenkathi sicula sasizizwa sinesibindi futhi siqinile.
Abantu babethi izwi lami liyisipho kanti nezingoma zami zazikhethekile. Ngangicula nabanye abaculi futhi umculo wethu wawuzwakala umhlaba wonke.
Ikhaya lami laliseSophiatown, indawo yamasiko nomculo; endaweni lapho abaseNingizimu Afrika babekwazi ukwenza khona umculo ngokuzwana, badanse ndawonye. Kodwa abantu ababebusa izwe ngaleso sikhathi babengakuthandi lokhu kuhlangana. Labo babusi babengafuni ukuthi abamnyama nabamhlophe
babe ngabangani.
Ngangazi ukuthi kwakungalungile ukuphatha abantu ngendlela eyahlukile ngenxa yombala wesikhumba sabo. Angizifihlanga izinkolelo zami, kanti labo bantu ababephethe babefuna ngiphume ezweni. Ngahamba ngayocula ezweni laseMelika. Ngatshelwa ukuthi ngeke ngiphinde ngibuyele ekhaya.
Emhlabeni wonke abantu bezwa ngendaba yami. Izingoma zami kanye nendaba yami yasiza abaningi ukuthi babone ukuthi babungekho ubulungiswa eNingizimu Afrika kulabo abanesikhumba esimnyama. Nganquma ukuqhubeka nokucula futhi ngikhuluma iqiniso ngezwe lami, noma kunjani.
Umhlaba wawuthanda umculo
wami futhi ngemukelwa emazweni
amaningi. Ngathola imiklomelo
futhi ngaculela abantu ababalulekile
emhlabeni wonke. Impilo yami
yayiyinhle kodwa kukhona okuthile
okwakuswelekile. Ngangingakwazi
ukucula ezweni lenkaba yami, futhi
abantu lapho babengakhululekile.
Makhathaleni kwafika usuku oluyusimanga lapho uNelson Mandela eba wumongameli waseNingizimu Afrika. Abantu abasha base bephethe kanti imithetho engenabulungiswa kwase kuyinto yakudala. Ekugcineni ngaya ekhaya nginethemba elisha enhliziyweni yami.
Emva kwalokho ngase ngikwazi ukucula ezweni elikhululekile nelinobulungiswa. Abantu bemibala eyahlukene base bethokozela umculo ndawonye. Ngasiza ukuthi lokhu kwenzeke ngoba nganginesibindi futhi ngiqinile. Ngangicula iqiniso kuzo zonke izingoma zami.
Singing the truth_zulu_
Ukucula iqiniso: Indaba kaMiriam Makeba
Illustrator: Louwrisa Blaauw
Author: Jade Mathieson
Designer: Bianca de Jong
Licence: Creative Commons Attribution 4.0
Website: https://bookdash.org/
Translator: Nal’ibali