UGundane wayefuna indlu.
Le ndlu ibukeka njengendlu ekahle.
“Ungazolala nami,” kusho uMdlwane.
“Ngiyabonga,” kusho uGundane.
Ngalobo busuku uGundane waphupha ukugxumagxuma kanye nokubhixeka odakeni.
“Ungazolala nami,” kusho uPholi.
“Ngiyabonga,” kusho uGundane.
Ngalobo busuku uGundane wayephupha kunomsindo kanye nezixakaxaka.
“Ungazolala nami,” kusho Inhlanzi.
“Ngiyabonga,” kusho uGundane.
Ngalobo busuku uGundane wayephupha kubanda futhi kumanzi.
UGundane wayedinga indawo efudumele
futhi eyomile.
UGundane wathola ishalofu lezincwadi
eliseduze nalapho.
Ngalobo busuku, uGundane waphupha kufudumele futhi ethokomele.
A house for mouse_zulu
Indlu kaGundane
Illustrator: Amy Uzzell and Jennifer Jacobs
Author: Michele Fry
Designer: Amy Uzzell and Jennifer Jacobs
Licence: Creative Commons Attribution 4.0
Website: https://bookdash.org/
Translator: Nal’ibali