

UBora uhlezi noBaba emtholampilo.
UJojo, inkawu yakhe eyithoyizi, naye ukhona.
UJojo ulele esikhwameni sikaBora.

“Angizithandi izinaliti. Zibuhlungu!” kusho uBora.

“Umjovo uyasiza uyaphilisa. Kulungile ukwesaba, Bora. UBaba ukhona lapha kanye nawe. Kanjalo noJojo.”

“Bora Baraka!”
kuzwakala izwi limemeza.
“Asihambe Bora,” kusho uBaba.
“Sekuyithuba lakho.”

“Asibuye kusasa Baba!” kusho uBora.

“Uyakhumbula ukuthi uBaba uthe uzotholani ngokuba nesibindi uvume ukujova?” kubuza uBaba.
“Ilolipop ebomvu!
Kulungile, ngiyaya,”
kusho uBora.

Udokotela uyamamatheka
lapho ebona uBora. “Inkawu yakho lena? Singayixilonga
nayo?” kubuza
yena.
UBora ubuka uBaba bese ebuka uJojo, anqekuze ikhanda.

“Manje sekuyithuba lakho,” kusho udokotela.
“Ungangisiza ngijove inkawu yakho kancane ukuze iphile?” kubuza udokotela.

“TUPU!” kusho udokotela ngenkathi ejova uJojo inkawu.

“Manje sekuyithuba lakho-ke. Ngabe iqhawe leli elisesikibheni sakho?” kubuza yena.
“TUPU!” kusho udokotela ejova uBora.

“Ashu!” kumemeza uBora.
“Kodwa, bekungebuhlungu kangako!”

“Ngiyazi kuyancinza kancane, kodwa sesiqedile kanti wena ube nesibindi kakhulu!” kusho udokotela.

“Nansi ilolipop eyodwa ebomvu kaBora wethu onesibindi!”


Brave Bora
UBora Onesibindi
Illustrator: Ellen Heydenrych
Author: Edna Gicovi
Designer: Raeesah Vawda
Licence: Creative Commons Attribution 4.0
Website: https://bookdash.org/
Translator: Nonkululeko Nhlapo
Editor: David Mann