Mama, sizodlani emini?

“Sheshisa, Thabo. UMama wenza isidlo sasemini,” kumemeza uTumi.
“Uyaphi, Thabo?”
Abangani bakhe abaqondi ukuthi kungani ekhetha isidlo sasemini kunomdlalo wabo, kodwa uThabo unemfihlo. Izidlo zikaMama zasemini zikhethekile.
NgoMsombuluko, uMama wenza ukudla kwabo kumise okwamabhungezi amancanyana apaqupaquza ekhasa, nokwenza uTumi akhale kakhulu ngokwesaba. “EEEE!” Kepha empeleni yizithelo nemifino emnandi, futhi akwethusi neze.
NgoLwesibili, wenza ibhubesi elibhonga kakhulu kuzamazame indlu. “UKUBHONGA!” Kodwa empeleni yi-pasta noshizi okumnandi.
NgoLwesithathu, uMama wenza inkukhu le evusa wonke umuntu kulowo mgwaqo. “KIKILIKIGI!” Kepha empeleni yipuleti nje elinomhluzi omningi.
NgoLwesine, wakha iloli elinomsindo. UThabo noTumi bavala izindlebe. “VROOOM!” Kodwa empeleni yisamentshi elimnandi likajamu wamajikijolo.
NgoLwesihlanu, uMama wenza ingadi enhle egcwele izimbali, izinyoni kanye namabhungezi. “TWIIT TWIIT!” Kodwa empeleni yipapa elinempilo, ubhontshisi kanye nesaladi elihlwabusayo.
“Mama, sizodlani emini?” kubuza uTumi. “Yebo, sizodlani ngempela, Mama,” kusho uThabo. “Uzophekani namuhla?”
UThabo noTumi abasakwazi ukulinda namunye umzuzwana. Izisu zabo seziyakhala. Ekugcineni, uMama uselungile. “Ukudla kuni, Mama?” kubuza uThabo, ekhotha izindebe zomlomo.
NguThabo, uTumi noMama! “Mmm, intandokazi yethu, isitshulu sakho esidumile nelayisi.” “Siyabonga, Mama!”
Uzokwenzani uMama ngeSonto?

Mama what's for lunch