Ngubani lowo mntwana?

Ngubani lowo mntwana?
Lowo mntwana uyakwazi ukuhamba. Njengami nje.
Izinzwane zami ezigwegwile. Izinzwane zalowo mntwana ezigwegwile!
Ehhe? Lowo mntwana usenyamalele!
Ngubani lowo mntwana?
Izandla zami ezivayizayo. Izandla zalowo mntwana ezivayizayo.
Ufuna ukudlala?
Hhayi, bo! Lowo mntwana usenyamalele!
Ngubani lowo mntwana?
Ikhala lami elihle. Ikhala lalo mntwana elihle.
Ngenza ubuso obuhlekisayo. Nomntwana wenza okufanayo.
O! Lowo mntwana yi … MINA!

Who’s that baby_Zulu_