KweloMbuso wamaZulu kunendawo enhle kakhulu okuthiwa kuseSigodini.
Intombazanyana enguJabulile ihlala lapha. UJabulile wayehlale ejabulile. Wayehlale elangazelele ukwazi izinto futhi ebuza imibuzo eminingi ngempilo. Konke kwakumthokozisa nje uma ekucabanga.
Uyise kaJabulile wayelima ummbila. Unina wayenguthisha. Bamfundisa ukuthi aphuphe okukhulu. Iphupho elikhulu likaJabulile kwakungukusiza abantu.
Wonke umuntu kulo muzi wayengumngani kaJabulile, ikakhulukazi abantu abadala. Babemfundisa ngamadoda nabesifazane abake baphila eSigodini. NoJabulile wayethanda ukuhlakanipha.
Ngolunye usuku olwesabekayo, lahloma eSigodini. Lagqunqa izulu laba mnyama. Kwahlasela isiphepho esikhulu ezweni.
Umoya omkhulu wavunguza waphephula uphahla lwamaqhugwane. Zonke izilwane zapheshukelwa yizindlwana zazo. Lolu kwaba wusuku oludabukisa kakhulu.
Izakhamuzi zakhala, “Sizokwenzenjani manje bakithi?” “Zonke izitshalo zonakele!” kubalisa abalimi. “Amakhaya ethu aphephukile!” kusho abadala. Bonke base bephelelwe yithemba.
UJabulile wakhumbula amazwi awatshelwa nguyise ohlakaniphile ngelinye ilanga.
UJabulile waqala wakhuluma nezakhamuzi. “Isiphepho sisihlukumezile,” kusho uJabulile, “ngenxa yendlela esikhetha ukulubheka ngayo udaba lwaso. Kodwa uma nibheka phezulu, ilanga seliyakhanya futhi. Sekuwusuku olusha. Ngemuva kwesiphepho, kumele kube nothingo lwenkosazana!”
Khona manjalo kwavela uthingo lwenkosazana oluhle esibhakabhakeni.
Izakhamuzi zalubona uthingo lwenkosazana maqede zamoyizela. Lwama njengophawu lwesethembiso sokuthi isiphepho sesedlulile.
Izakhamuzi zakha kabusha imizi yazo. Abalimi batshala izitshalo ezintsha. Utshani baba luhlaza kunakuqala.
Kwaphinda kwagcwala ithemba nenjabulo enkulu eSigodini.
There must be a rainbow
Kumele kube nothingo lwenkosazana
Illustrator: Sinomonde Ngwane
Author: Nerissa Govender
Designer: Thulisizwe Mamba
Licence: Creative Commons Attribution 4.0
Website: https://bookdash.org/
Translator: Nal’ibali