Unyoni Eluhlaza Okwesibhakabhaka
unesithukuthezi.
“Ngikhathele yilesi sidleke,” kusho yena. “Sidinga indlu entsha.”
“Uma uphikelela ukuthi akube njalo,” kusho
uNyoni Ensundu.
“Kodwa angeke ngithuthe lapha ngaphandle uma isidleke esisha singcono kunalesi esinaso manje.”
“Yebo, kusho uNyoni Eluhlaza Okwesibhakabhaka.
“Kuzoba yisidleke esihle ngokwedlulele.
Ngizothola isidleke esihle kunazo zonke!”
“Bheka lesi sidleke esihle! Sintofontofo
futhi sifudumele.
Futhi umuntu angaba nombhede wakhe.
Lesi yisidleke esihle kithina.”
Kodwa asinjalo!
“Bheka lesi sidleke esihle. Sigqame kakhulu futhi
sinemibala emihle.
Lesi yisidleke esihle kunazo zonke.”
Kodwa asinjalo!
“Bheka lesi sidleke esikhazimulayo. Bheka ukuthi
sibenyezela kanjani.
Lesi yisidleke esihle kunazo zonke
esengike ngazibona.”
Kodwa asinjalo!
“Bheka nje, lesi sidleke esikhulu!
Sinaso nesicabha saso.
Lesi yisidleke esihle kunazo zonke.”
Kodwa asinjalo!
“Bheka lesi sidleke.
Bheka ukuthi sakhiwe kahle kanjani.
Lesi yisidleke esihle kunazo zonke.”
“Yebo, kunjalo,”
kusho uNyoni Ensundu.
The best nest Zulu
Isidleke esihle kunazo zonke
Illustrator: Megan Vermaak
Author: Crystal Warren
Designer: Ashlyn Atkinson
Licence: Creative Commons Attribution 4.0
Website: https://bookdash.org/
Translator: Busisiwe Pakade
Editor: David Mann