USindiwe kanye nawokhanyikhanyi

Ngelinye ilanga kwazalwa umntwana ohlakaniphe kakhulu eGungululu, eMpumalanga Kapa. Igama lakhe kwakunguSindiwe Magona. Wayeyizibulo elanywa yizingane eziyisishiyagalombili.
Ebusuku, ugogo wakhe wayexoxa izinganekwane ezihlabahlosile ezimayelana namazimuzimu nemidondoshiya yeziqhwaga, izilwane zasemahlathini, izinunu ezinkulu, kanye nezilwane ezincane zasendle. Kwakuyisikhathi esithandwa kakhulu nguSindiwe lesi.
USindiwe wayesithanda isikole, kanti iphupho lakhe kwakungukuba uthisha.
Lapho uSindiwe eseba yijongosi, umndeni wakhe wahlela umcimbi wokugubha lokhu. Wanikwa izinto ezikhethekile azozigqoka kwathi ikhehla elihlakaniphile lamhayela izibongo. Ubusiseke, unwele olude! Sengathi ungabhekwa ngabaphansi bakini!
USindiwe waqeqeshelwa ukuba uthisha. Wathokoza kakhulu ukuyofundisa esikoleni sakhe sokuqala. Kodwa kwakungekho madeski ezingane noma izincwadi ezizobhalela kuzo. Lokhu kwenza ukuthi uSindiwe esabe kakhulu. Wayezoba uthisha omuhle kanjani uma izingane zingenazo izindawo zokuhlala noma zokubhalela?
Wayeka esikoleni wayokwenza umsebenzi wokuhlanza izindlu. Wayesebenza ezindlini ezine ezahlukene. Abantu balapho babeke bamhlukumeze, into eyenza ukuthi uSindiwe aphatheke kabi kakhulu.
USindiwe wayefunda ngaso sonke lesi sikhathi. Ukusebenza kwakhe kanzima kwathela izithelo! Wathola umfundaze okhokhela zonke izindleko wokuthi ayofunda eNyuvesi yaseNew York. Yena kanye nezingane zakhe ezincane ezintathu bapakisha izikhwama zabo bawela izilwandle ngendiza baya eMelika.
Lapho-ke uSindiwe wafundela ukuba usonhlalakahle. Wayefuna ukusiza imindeni ukuthi yenze izimpilo zayo zibe ngcono.
Lapho eseqedile ukufunda, wasebenza eMelika iminyaka engamashumi amabili. Ngesikhathi elapho, uSindiwe watshela umhlaba ngeNingizimu Afrika, nokuthi impilo yayinzima kangakanani kubantu abaningi ababehlala khona.
Zakhe, futhi babefuna ukufunda okuningana ngabantu baseNingizimu Afrika. Bonke abantu bayahlanganyela ukuze basize ukuguqula izinto eNingizimu Afrika.
Kodwa uSindiwe wayelikhumbula izwe ayezalelwe kulo. Wayefuna ukuzixoxela abantu basekhaya izindaba zakhe. Ngakho-ke wapakisha izimpahla zakhe, wangena endizeni wase endiza ewela ulwandle waya eKapa.
Uthando lukaSindiwe lwezincwadi kanye nezindaba selumsizile ukuthi abhale izinqwaba ngezinqwaba zezincwadi. Futhi izingane kanye nabantu abadala bayathanda ukufunda izindaba zakhe. Abantu abaningi bathanda ukumbiza ngokuthi “uNomabali” (uNozindaba) ngenxa yokuthi uhlale ebhala, exoxa futhi efunda izindaba.

Sindiwe _ The Fire Flies Zulu