UMpungushe Okhaliphile
wayeyimpungushe eyiqili.
Wayethengisa amakhabe
amakhulu, amasha.
Amakhabe
athengisayo lapha!
“Imali oyibizayo iningi kakhulu,” kwasho uGwajo Nogwaja.
“Ufuna imali eningi kakhulu,” kusho uMadlula Ndlulamithi
UMpungushe Okhaliphile wayenesu elihlakaniphile.
Wahlephula ikhabe elikhulu, wakhipha
ubuthumbu, wabumimilita.
Emva kwalokho wayeseligcwalisa ngamanzi!
Wayesethatha inalithi nokotini wayesethunga ehlanganisa ikhabe futhi.
Wathengisa amakhabe
akhe ngenani eliphansi.
Izilwane eziningi
zazithenga kuMpungushe Okhaliphile.
“Leli khabe linamanzi kuphela ngaphakathi,” kukhononda uSinkawunkawu Nkawu.
“Kuhle phela, uthole lokhu okukhokheleyo,” kusho
uMpungushe Okhaliphile.
“Kufanele uMpungushe Okhaliphile simfundise isifundo,” kusho uSidlova Ndlovu.
Izilwane zahlangana ndawonye zaqhamuka nesu elithile.
“Nginesu mina,” kusho uKhovula Sikhova.
Zathatha ikhabe elingenalutho, zafaka uMpungushe Okhaliphile phakathi, zase zidlala umdlalo webhola likanobhutshuzwayo ngalo.
UMpungushe Okhaliphile wayesehlaselwa yisiyezi!
Wasifunda isifundo sakhe, akaphindanga waganga ngabanye futhi.
Foxy Joxy Plays A Trick
UMpungushe Okhaliphile uyabaphica
Illustrator: Mdu Ntuli
Author: Nahida Esmail
Designer: Samantha Rice
Licence: Creative Commons Attribution 4.0
Website: https://bookdash.org/
Translator: Nal’ibali
Editor: Margot Bertelsmann