

Kukhona
into elandela u-Unathi.

Ingolile.
Iyanuka.
Iyinunu!

U-Unathi muhle kakhulu ekugijimeni.
Inunu inhle kakhulu
ekujaheni.

U-Unathi ungcono kakhulu
ekugxumeni.
Inunu ingcono kakhulu
ekushayeni amanzi.

U-Unathi ungcono kakhulu
ekukhuphukeni.
Inunu ingcono kakhulu
ekumbeni.

Bobabili o-Unathi nenunu
bayakuthanda ukucula!

Sekuyisikhathi sokuthi u-Unathi aye ekhaya.
Inunu Engcolile
Enukayo ifuna ukuya
naye ekhaya!

“Angizifuni izinunu ezingcolile, ezinukayo endlini!”
kusho umama.

U-Unathi nenunu bayakwazi ukucasha.

U-Unathi uyakwazi
ukugqoka kahle.
Inunu ayikwazi.

U-Unathi kanye nenunu bayakwazi
ukucasha kumagwebu.

Inunu ayisangcolile.
Inunu ayisanuki.
Inunu isihlanzekile
futhi yinhle.

Unathi and the dirty-smelly beast_zulu_
U-Unathi neNunu Engcolile Enukayo
Illustrator: Jess Jardim-Wedepohl
Author: Jon Keevy
Designer: Thokozani Mkhize
Licence: Creative Commons Attribution 4.0
Website: https://bookdash.org/
Translator: Nonkululeko Nhlapo
Editor: Bongani Kona