Ulala kanjani?

Nyoni, ulala kanjani? Ngindiza ngilele.
Lulwane, ulala kanjani? Ngilala ngibheke phansi.
Ngxangxa, wena ulala kanjani? Ngilala ngohlangothi lwami.
Ulala kanjani wena, ngwane? Ngishintsha umbala emaphusheni ami.
Dada, wena ulala kanjani? Sishintshana ngokugadana.
Chwane lesikhova, ulala kanjani? Ngilala ngithi bhu ngobuso phansi.
Mthini, wena ulala kanjani? Silala sibambene ngezandla.
Mvu yamanzi, ulala kanjani? Ngilala endaweni eyomile nangaphansi kwamanzi.
Ndlulamithi, wena ulala kanjani? Silala omunye phezu komunye.
Bubhibhi, ulala kanjani? Silala sinqwabelane ndawonye.
Pula, wena ulala kanjani? Ulale kahle! Ube nobuthongo obumnandi!

How do you sleep? Zulu