Isiphiwo sikaMogau

Umuzi waseBatloung kwakuyindawo ephuphile nje yase-Afrika, lapho kwakungakaze kwenzeke khona into ejabulisayo ngaphambilini …
… kwaze kwathi ngelinye ilanga, kwazalwa ingane engajwayelekile. Usana olunguMogau lwaluzelwe lunamazinyo aphelele!
Abantu bomuzi bathutheleka beze ekhaya likanina kaMogau befuna ukuyozibonela lesi simangaliso.
Ngokumoyizela kwakhe okungapheli, uMogau waletha injabulo kulo muzi.
Ngokushesha, abazali bakaMogau babona ukuthi wayeyingane enesiphiwo. Ngesikhathi esenezinyanga eziyisithupha, wayesekwazi ukuhamba, ukufunda izincwadi nokupenda izithombe.
UMogau wapenda isithombe esifanayo esiphindaphinda. Unina wabona ukuthi nabo kwakudinga ukuba bathole ukuthi ingabe yayikuphi le ndawo uMogau awayeyipenda kulezi zithombe zakhe.
Bawushiya umuzi lowo bathatha uhambo. Izakhamuzi ezithanda ukumamatheka kukaMogau zanquma ukubalandela.
Bahamba izinsuku eziningi, beguduza emahlathini,
beqa imifudlana bedlula nezintaba ezinkulu.
Ekugcineni, bafika endaweni kaMogau ekhethekile. Yayifana ncamashi nesezithombeni zakhe ezipendiwe.
Basebenza, belungisa umuzi omusha – umuzi lapho wonke umuntu wayejabule khona.
UMogau wathi lapho esekhule ngokwanele, waba yinkosi yomuzi onemibala emihle.
Umbuso kaMogau onenjabulo wakhula waziwa kakhulu, eduze nakude. Wayeyinkosi eyayenza abantu bayo bamoyizele!

Mogau's Gift